Share

ISAZISO SOMPHAKATHI

17 SEPTHEMBA 2026

 

UMasipala unxusa umphakathi ukuba uhambe ngokucophelela emigwaqweni futhi uqaphele ezindaweni eziphansi njengoba kulindeleke imvula enamandla ngoLwesine nangoLwesihlanu.

 

UMasipala weTheku usuyalele isikhungo sawo sezinhlekelele, abasebenzi bezimo eziphuthumayo nabezicishamlilo, nezinye izinhlaka zawo ezisebenzisana kakhulu nomphakathi, ukuba baqaphe ngeso lokhozi isimo ngemuva kokuba abeSouth African Weather Service bekhiphe isexwayiso sesigaba 6 semvula enamandla.

 

Lesi sexwayiso sikhishelwe uLwesine, ngomhla ka-17 Septhemba, kusukela ngo-12 emini kuze kube wuLwesihlanu, ngomhla ka-18 Septhemba 2026 ngo-23:59, kanti sifaka iTheku nabanye omasipala baKwaZulu-Natali.

 

AbeSouth African Weather Service bexwayise ngokuthi le mvula enkulu ingase idale lokhu:

  • Ukugcwala kwamanzi emigwaqweni, emabhulohweni aphansi, nasezindaweni zokuhlala (okufaka nezinemijondolo).
  • Ubungozi bamanzi ahamba ngesivinini esiphezulu emihosheni nezindawo ezinamanzi ajulile.
  • Umonakalo wempahla, ingqalasizinda kaMasipala, nemfuyo.
  • Ukuphazamiseka kwesikhashana kwezidingo ezibalulekile nezindlela zokufinyelela emiphakathini ecezile.

 

UMasipala uqinisekisa izakhamizi ukuthi amathimba ahlanganisa awezicishamlilo, awezinhlekelele, namaPhoyisa kaMasipala, ami ngomumo. Amathimba kaMasipala azoqhubeka nokuqapha izindawo ezisengozini kakhulu, imigudu yamanzi, nengqalasizinda evame ukuthinteka ezikhukhuleni.

 

Amathimba ezimo eziphuthumayo atshalwe kulo lonke iTheku ukuze athunyelwe ngokushesha uma kuba khona izigameko ezivelayo.

 

Kucelwa izakhamizi ukuba zehlise amaphaphu, zigweme ukuba semigwaqweni uma kwenzeka, futhi zilandele lezi zinyathelo zokuphepha ezilandelayo.

 

IZINYATHELO ZOKUPHEPHA

 

  • Gwema imizila eyingozi kakhulu: Ungahambi emigwaqweni ephansi noma emabhulohweni agcwala kalula amanzi.
  • Ungalokothi uwele lapho kunamanzi ageleza khona ngokushesha: Gwema ukuwela imifula nemihosha egcwele amanzi, noma imisele yamanzi egcwele, kungaba uhamba ngezinyawo noma ngemoto. Amanzi agelezayo, ngisho emancane, angayikhukhula imoto.
  • Lungiselela kusenesikhathi: Izakhamizi ezisezindaweni eziphansi noma ezinemijondolo kumele zihlonze kusenesikhathi izindlela zokuphuma eziphakeme futhi eziphephile.
  • Vikela impahla: Bopha noma ugcine kahle yonke impahla engaphandle engapheshulwa kalula wumoya noma ihambe namanzi agelezayo.
  • Shayela ngokukhulu ukucophelela: Abashayeli kumele bakhanyise amalambu angaphambili, bashiye ibanga elithe xaxa phakathi kwabo nezinye izimoto, behlise kakhulu isivinini, futhi bagweme lonke uhambo olungabalulekile ngezikhathi lapho imvula ina kakhulu.
  • Hlala unolwazi: Landela izinkundla zikaMasipala weTheku ukuze uthole lonke ulwazi lwakamuva oluqinisekisiwe.

 

Ukuze ubike izimo eziphuthumayo ezibeka impilo engcupheni noma ukulimala kwengqalasizinda kaMasipala, xhumana nesikhungo sezingcingo sikaMasipala:

 

  • Isikhungo sezinhlekelele nezimo eziphuthumayo: 031 361 0000.