Ukuvalwa Kwamanzi Okuhleliwe Okuzophazamisa Izindawo Ezihlinzekwa Yintuzuma 2 Pumpstation
...

Date: 2025-05-06 14:29:23

Ukuvalwa Kwamanzi Okuhleliwe Okuzophazamisa Izindawo Ezihlinzekwa Yintuzuma 2 Pumpstation

ISAZISO SOMPHAKATHI
6 MEYI 2025
 
Kwaziswa izakhamizi ngokuvalwa kwamanzi okuhleliwe esikhungweni iNtuzuma 2 Pumpstation ngoLwesithathu, ngomhla ka-7 Meyi, kusukela ngo-6 ekuseni kuya ku-6 ntambama njengengxenye yomsebenzi oqhubekayo wokulungisa lesi sikhungo.
 
INtuzuma 2 Pumpstation yisikhungo esikhulu esimpompa amanzi siphakele amadamu amaningi okonga amanzi.
 
Zonke izindawo ezihlinzekwa yiNtuzuma 2 Pumpstation zizobe zingenawo amanzi ngalesi sikhathi. Amanzi azoze abuye kusukela ngoLwesine, ngomhla ka-9 Meyi.
Ukuvalwa kwalesi sikhungo kubalulekile ukuze kushintshwe ipayipi elikhulu elisedamini lokonga amanzi, iNtuzuma 4. Lokhu kuhlanganisa nomsebenzi wokulungiselela ukufakwa kwamaphampu amasha emadamini iNtuzuma 3 neNtuzuma 7.
Ukuze lo msebenzi wenziwe ngendlela ephephile, kuzodingeka ukuba kukhishwe wonke amanzi akulesi sikhungo, ngakho awekho amanzi azobe esuka lapha eya emadamini.
 
Phakathi kwezindawo ezizothinteka kubalwa:
 
- INtuzuma ezigcemeni zakwa-A, B, C, D, E, F, G, no-H naseRichmond Farm
- KwaBester, Ezimangweni, eNhlungwana, naseMzomusha
- eNanda New Town A, B, C, eNanda, naseSoweto
- KwaMashu esigcemeni sakwa-M
Amaloli amanzi azothunyelwa ukuyophakela izindawo ezithintekile.
UMasipala uyaxolisa ngalokhu kuphazamiseka komphakathi.
Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi nokubika ukuphazamiseka kwamanzi, umphakathi ungasebenzisa i-app kaMasipala noma uthumele uWhatsApp ku-073 1483 477. 
Umphakathi ungashayela nenombolo yamahhala ethi 080 311 1111 noma uthumele i-email ku-Eservices@durban.gov.za.