COVID-19 Updates    Mayor's Blog   
  
Ukunqamuka Kukagesi Kuphazamise Ukusebenza Emlazi 4 Pumpstation
...

Date: 2023-07-11 13:57:30

Ukunqamuka Kukagesi Kuphazamise Ukusebenza Emlazi 4 Pumpstation

ETHEKWINI NEWSFLASH
FOR IMMEDIATE RELEASE
6 JULY 2023

 
UMasipala uyazi ngokuphazamiseka kwamanzi eMlazi ezigcemeni zakwa-Z, kwa-AA nakwa-BB. Imbangela yalokhu kube wukunqamuka kukagesi kule ndawo. Inkinga kagesi isilungisiwe.
 
Umsebenzi wokumpompa amanzi usuyaqhubeka futhi, namanzi abesehlile ezindaweni zokugcina amanzi aseyagcwaliswa.
 
Ukugcwala kwezindawo zokugcina amanzi kuzoncika ekutheni amanzi asetshenziswa kangakanani. Amathimba ethu azoqhubeka nokuqapha isimo ukuze aqinisekise ukuthi yonke imiphakathi iphakelwa amanzi ngokulingana.
 
UMasipala uyaxolisa ngokuphazamiseka okube khona.
 
Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi, umphakathi ungashayela inombolo yamahhala ethi 080 311 1111 noma usebenzise inombolo kaWhatsApp yezamanzi nokuthuthwa kwendle ethi 073 1483 477. Umphakathi ungathumela ne-email ku: Eservices@durban.gov.za
 
ENDS