Date: 2025-01-15 15:51:07
Ukulungiswa kwepayipi elivuzayo kuzophazamisa ukuhlinzekwa kwamanzi emlazi nasezindaweni ezimaphakathi netheku
ISAZISO SOMPHAKATHI
15 JANUWARI 2025
UKULUNGISWA KWEPAYIPI ELIVUZAYO KUZOPHAZAMISA UKUHLINZEKWA KWAMANZI EMLAZI NASEZINDAWENI EZIMAPHAKATHI NETHEKU
Kwaziswa izakhamizi ngokuphazamiseka kwamanzi ezindaweni ezihlinzekwa amadamu, i- Firwood, Northdene, Shallcross, Klaarwarter kanye Chartsworth 4.
Ukuphazamiseka kwamanzi kungenxa yomsebenzi ophuthumayo wokulungisa ukuvuza kwe payipi elikhulu,1000 diameter eliphakela amanzi kulamadamu.
Ukuvuza kuzolungiswa engxenyeni yepayipi elihamba ku Alpine Drive kusuka edamini lase Northdene kuya edamini lase-Charworth 1.
Leli payipi lizovalwa ukuphakela amanzi ukuze lilungiswe kusasa, ngomhlaka 16 Januwari, kusukela ngo 6:30 am kuze kube yintambama.
Nakuba lelipayipi kulindeleke ukuthi libe selisebenza ngoLwesihlanu, ngomhlaka 17 Januwari kodwa amanzi kulindeleke ukuba abuye ngokugcwele emva kwezinsuku ezingu 7 uma amadamu esegcwele ngokufanele.
Kunxuswa izakhamizi ukuba zibambe iqhaza ezinhlelweni zokonga amanzi.
Amaloli athutha amanzi azothunyelwa ukuyohlinzeka ngamanzi emiphakathini ethintekile.
Izindawo ezithintekile yilezi:
1. Umlazi System
UMlazi (yonke indawo)
Nsimbini
Folweni
Golokodo
2. Izindawo ezimaphakathi neTheku
Arena Park, Bayview, Buffels Bosch, Bulbul, Burlington Heights, Chatsworth Town Centre, Coedmore, Croftdene, Crossmoor, Ehlanzeni, Ezinyathini, Havenside, Hillary, Kharwastan, Klaarwater, Kwamgaga, Malvern, Mariann Industrial Park, Memorial Park, Mobeni Heights, Montford, Moorton, Moseley Park, Mount Vernon, Northdene, Queensburgh, Queensmead Industrial, Risecliff, Savannah Park, Shallcross, Silverglen, St Wendolins Ridge, Umhlatuzana, Welbedacht East, Welbedacht West, Westcliff, Woodhurst, Woodlands, and Yellowwood Park.
UMasipala uyaxolisa ngalokhu kuphazamiseka kwamanzi.
Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi nokubika ukuphazamiseka kwamanzi, umphakathi ungasebenzisa i-app kaMasipala noma uthumele uWhatsApp ku-073 1483 477. Umphakathi ungasebenzisa nenombolo yamahhala ethi 080 311 1111 noma uthumele i-email
ku-Eservices@durban.gov.za.