COVID-19 Updates    Mayor's Blog   
  
Kuhamba Kahle Ukukhandwa Kwamanzi Entuzuma
...

Date: 2023-05-17 13:25:47

Kuhamba Kahle Ukukhandwa Kwamanzi Entuzuma

ETHEKWINI NEWSFLASH
FOR IMMEDIATE RELEASE
10 MAY 2023


Sekuya ngasemaphethelweni ukulungiswa kwesiteshi sokumpompa amanzi iNtuzuma Pumpstation 2 kanti ezinye izindawo ezifana neNtuzuma kwa-E seziqalile ukuthola amanzi ngezikhawu kompompi bazo.

Nakuba lesi siteshi sokumpompa amanzi sesiqalile ukusebenza, kodwa asikasebenzi ngokugcwele njengoba kusalungiswa futhi  kusakhuliswa umthamo wamanzi  emithangaleni egcina amanzi.

I-Ntuzuma Pumpstation 2 iyisikhungo esikhulu esihlinzeka amadamu amaningi ngamanzi.

IDolobha licela ukubekezelelwa njengoba lisheshisa ukulungisa.

Izakhamizi eseziqalile ukuthola amanzi kompompi bazo ziyanxuswa ukuthi ziwonge.

Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi, umphakathi ungashayela inombolo yamahhala ethi: 080 311 1111 noma usebenzise inombolo kaWhatsApp yezaManzi nokuThuthwa kweNdle ethi: 073 1483 477. Noma uthumele i-email: ku-Eservices@durban.gov.za

Lo mbiko ukhishwe wuphiko lwezokuXhumana kuMasipala weTheku.