Date: 2025-02-13 12:06:00
Asebuyile amanzi esibhedlela i-Prince Mshiyeni
ISAZISO SOMPHAKATHI
13 FEBHUWARI 2025
Asebuye ngokugcwele amanzi esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, ngemuva komsebenzi owenziwe ngokubambisana ukuze ukuphakelwa kwamanzi kubuyele esimweni esifanele. Abasebenzi bakaMasipala basebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi kunamanzi anele ukuze amanzi ahlinzekwe kangcono kulesi sibhedlela. Leli thimba labasebenzi liphinde lahlola imitha nepayipi eliphakela amanzi kule ndawo ukuze kulungiswe lapho kuvaleke noma kuvuza khona.
Ngesikhathi kusaqhubeka lo msebenzi, uMasipala ubulokhu ugcwalisa amadamu okugcina amanzi akulesi sibhedlela usebenzisa amaloli athutha amanzi. UMasipala uzoqhubeka nezinhlelo zawo ezahlukahlukene zokungenelela ukuze ulawule futhi unciphise isidingo samanzi esiphezulu esithinta izindawo eziseNingizimu njengamanje. Isidingo samanzi senyuswe kakhulu wukuqala kwehlobo, okuholele ekutheni kwehle umfutho wamanzi, nezindawo ezibalulekile ohlelweni lokuphakelwa kwamanzi zasala zingenawo nhlobo amanzi.
Lokhu kwenzeka phezu kohlelo loMngeni-uThukela Water lokunciphisa amanzi le nkampani ewahlinzeka iTheku oluqale ngo-Okthoba ngonyaka odlule.
UMasipala uyakuqonda ukuphazamiseka komphakathi okudalwa wukunqamuka njalo kwamanzi futhi uqinisekisa izakhamizi ukuthi kuseseqhulwini ukuqinisekisa ukuthi amanzi abuya ngokugcwele.
Sicela izakhamizi zelekelele ekuxazululeni le nselelo ngokuthi zonge amanzi.
Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi nokubika ukuphazamiseka kwamanzi, umphakathi ungasebenzisa i-app kaMasipala noma uthumele uWhatsApp ku-073 1483 477. Umphakathi ungashayela nenombolo yamahhala ethi 080 311 1111 noma uthumele i-email
ku-Eservices@durban.gov.za