COVID-19 Updates
Mayor's Blog
RESIDENTS
Accounts & Payments
Applications, Licenses & Permits
Cleansing & Solid Waste Services
City Integrity and Investigations
Community Health Services
Community Services
Development Planning, Environment and Management
Electricity Services
Community Participation
Environmental Planning & Climate Protection
Engineering Services
Human Settlements
Public Safety & Emergency Services
Transportation Services
Valuation Roll
Sizakala Customer Services
Water & Sanitation
BUSINESS
Spaza Shops Query - English
Spaza Shops Query - IsiZulu
Durban ICC
eThekwini Municipality GIS
Economic Development
Durban Fresh Produce Market
Catalytic Projects
SMME Development
Supply Chain Management (SCM)
VISITORS
Beaches Status
Durban Tourism
Green Corridor
Moses Mabhida Stadium
Durban ICC
Parks, Recreation & Culture
uShaka Marine
JOBS
GOVERNMENT
About eThekwini
Administrative/Clusters
By-Laws
Performance Monitoring & Evaluation
Council
Documents
Press Statements
Sustainable Development Goals
Publications
Public Access to information
Draft Budget 2024/2025 (MTREF)
IDP 2023/24 to 2027/28
Tariffs Book 2024 / 2025
Budget 2023 / 2024
Final TARIFF TABLES 2024-2025
Speeches
REPORT A PROBLEM
BEACH STATUS
Beach Status
Kuphuthunyiswa ukulungiswa kodaba lwamanzi eMlazi
Date: 2023-02-10 13:14:54
Kuphuthunyiswa ukulungiswa kodaba lwamanzi eMlazi
IMeya yeTheku iKhansela uMxolisi Kaunda ihlole umsebenzi wokulungisa oqhubekayo eMlazi ngemuva kokuqhuma kwepayipi kule ndawo, okuphazamise ukuphakelwa kwamanzi esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial namaphethelo.
UMASIPALA weTheku usuphuthume waqalisa izinhlelo zokubuyisa amanzi eMlazi ngemuva kokuqhuma kwepayipi eliwu-300mm ububanzi eliphazamise ukuhlinzekwa kwamanzi esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial namaphethelo. Ngomhla ka-8 Febhuwari, iMeya yeTheku iKhansela uMxolisi Kaunda, ebiphelezelwe ngamalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natali namakhansela, ihlole umsebenzi wokulungisa leli payipi oqhubekayo ngemuva kokuhlangana nabaphathi besibhedlela. IMeya uKaunda iphinde yahlola nokuthi yiziphi izinyathelo ezithathwayo zokuhlinzeka amanzi ngesikhathi kusalungiswa.
Lezi zinyathelo zifaka ukuphakelwa kwamanzi emathangeni amabili alesi sibhedlela ngokusebenzisa amaloli amanzi. Ithange ngalinye liyi-mega litre eyodwa. Ukulungiswa kwepayipi eliqhumile kuzothatha cishe izinsuku eziyishumi. Ingxenye yomsebenzi wokulungisa ifaka ukushintshwa kwendlela elihamba kuyona leli payipi ukuze kuqinisekiswe ukuthi kufinyeleleka kalula kulona uma kunesidingo. Ichaza ngezisombululo zesikhathi eside, iMeya uKaunda ithe iDolobha lisungule isu lezamanzi elibizwa ngeWater Master Plan eliyingxenye yohlelo
olukhulu lwesifundazwe. IMenenja yendawo uGabriel Motilal ithe ngenxa yobunzima ababhekene nabo ngesikhathi bezama ukufinyelela endaweni eqhumile kuleli payipi, uMnyango wezobuNjiniyela weDolobha ubeluleke ukuba balibhekele indlela entsha elizohamba ngayo leli payipi.
Khonamanjalo, abahlali basePhoenix baziswa ngohlelo lokuvalwa kwamanzi ebusuku olwenzelwe ukwengeza umthamo wamanzi emadamini. IMenenja yendawo yasenyakatho uMervin Govender ithe yize idamu uReservoir 3 elisesikhungweni sokuhlanza amanzi iMgeni Durban Water Heights selisebenza, kuthe uma kubhekisiswa indlela amanzi aphakelwa ngayo kwabaluleka ukuba kuvalwe amadamu athile ukuze kwengezwe umthamo wamanzi.