Go to home
Discover Durban Invest Durban City Government City Services
Home » Invest Durban » Invest Durban News » Kubongwa okuncane nokukhulu

Most Important numbers
General Enquiries:
031 311 1111
Fire Department &
Metro Police
031 361 0000
Water and Traffic Hotline
080 131 3013
 

Kubongwa okuncane nokukhulu

05 March, 2005

 

STHEMBILE GASA noLONDI MTESHANE

YIZE abanye bengakubukela phansi ukukhulisa amachwane ezinkukhu, abanikwe le zipho bafunga bagomela ukuthi amabhizinisi abo azothola izimpiko kungekudala.

Kwatheleka amakhulu abantu ukuyokwamukela amachwane ePinetown Civic Centre ngenkathi uSomlomo weTheku ehambele khona ngaphansi kohlelo lokusiza izinhlangano zomphakathi lweGrants-In-Aid. Enika izinhlangano zomphakathi amachwane uDube wathi lomxhaso uyosiza amabhizinisi asafufusa futhi udale namathuba emsebenzi.

Kumele imphakathi yethu igqugquzeleke ukuzibandakanya nebhizinisi lokhulisa izinkukhu yize kuthanda ukubiza ukunakekela amachwane, kusho okaMafukuzela. Abafaka izicelo bahambisa amafomu anemininingwane yezinhlangano zabo kwiNhloko yomnyango obhekele Izidingo Zomphakathi.

UNtsiki Magwaza oyinhloko yalo mnyango wathi idolobha lichithe imali engu R4,5wezigidi kwiGrants-In-Aid nyakenye. UGoodenough Gwala, wenhlangano iThandanani Poultry farm eKwangcolosi, wathi amachwane azolisimamisa ibhizinisi lakhe.

Sithokoze kakhulu ngokuthola iGrants-In-Aid kanti sithemba ukuthi lokhu umasipala okwenze kithi uyophinde ukwenze nakweminye imphakathi edinga usizo njengathi, ikakhulukazi njengoba sonke sazi ukuthi ucezu lwesinkwa lungcono kunokungabi nalutho nhlobo esandleni,  kusho uGwala.

bookmark this story del.icio.us   Digg   Reddit   Blogmarks
About This Site | Copyright | Disclaimer | E-mail Disclaimer | Payment of Accounts | Privacy Policy | Contact Us | Free Images